2 “Ndodana yomuntu, yazisa iJerusalema izinengiso zalo,
3 uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova kulo iJerusalema, ithi: Ukudabuka kwakho nokuzalwa kwakho kungokwezwe laseKhanani; uyihlo wayengumAmori, nonyoko wayengumHetikazi.
4 Ekuzalweni kwakho inkaba yakho ayinqunywanga ngosuku lokuzalwa kwakho, awugezwanga ngamanzi ukuba uhlambuluke, awuhlikihlwanga nakanye ngosawoti, awusongwanga nokusongwa.
5 Awuhawukelwanga yiso ukuba kwenziwe lokhu kuwe, uphathwe ngobubele, kepha waphonswa endle, lokhu wanengeka ngosuku lokuzalwa kwakho.
6 “ ‘Lapho ngidlula kuwe, ngikubona ungqasha egazini lakho, ngathi kuwe: Wena osegazini lakho: “Phila!” yebo, ngathi kuwe, wena osegazini lakho: “Phila!”
7 Wande njengehlumela lasendle; wanda, wakhula, wabukeka nokubukeka; amabele akho aphuhla, izinwele zakho zazimilile, kepha wawunqunu, wawuze.
8 “ ‘Lapho ngidlula kuwe, ngikubona, bheka, kwakuyisikhathi sakho, isikhathi sokuthanda; ngeneka ingubo yami phezu kwakho, ngembathisa ubunqunu bakho; yebo, ngafunga kuwe, ngangena esivumelwaneni nawe, isho iNkosi uJehova, waba ngowami.