23 “ ‘Kwathi emva kwabo bonke ububi bakho -- maye, maye kuwe! isho iNkosi uJehova --
24 wazakhela iqhugwane, wazenzela indawo ephakemeyo ezigcawini zonke.
25 Ezingosini zonke zezitaladi wakha izindawo zakho eziphakemeyo, wenza ubuhle bakho baba yisinengiso, wenekela bonke abadlulayo imilenze yakho, wandisa ubufebe bakho.
26 Wafeba nabaseGibithe, abakhelwane bakho, abanyama inkulu, wandisa ubufebe ukungicunula.
27 Bheka, ngase ngelulela isandla sami kuwe, nganciphisa ukudla owakunqunyelwayo, ngakunikela entandweni yabakuzondayo, amadodakazi amaFilisti, ayenamahloni ngendlela yakho yokukhanuka.
28 Wafeba nama-Asiriya ngokuba wawungakadeli; yebo wafeba nawo, kepha namanje wawungakadeli.
29 Wandisa ubufebe bakho kuze kubesezweni labathengi, iKalideya, kepha nangalokho awudelanga.