27 Bheka, ngase ngelulela isandla sami kuwe, nganciphisa ukudla owakunqunyelwayo, ngakunikela entandweni yabakuzondayo, amadodakazi amaFilisti, ayenamahloni ngendlela yakho yokukhanuka.
28 Wafeba nama-Asiriya ngokuba wawungakadeli; yebo wafeba nawo, kepha namanje wawungakadeli.
29 Wandisa ubufebe bakho kuze kubesezweni labathengi, iKalideya, kepha nangalokho awudelanga.
30 “ ‘Yeka ubuthakathaka benhliziyo yakho, isho iNkosi uJehova, lokhu wenza zonke lezi zinto, izenzo zowesifazane oyisifebe esingazibambiyo.
31 Wakha iqhugwane lakho ezingosini zezitaladi, wenza indawo yakho ephakemeyo kuzo zonke izigcawu, ungaba nganjengezifebe ngokudelela inkokhelo,
32 wena mfazi ophingayo, othatha abafokazi esikhundleni sendoda yakhe.
33 Zonke izifebe ziphiwa imivuzo, kepha wena unika zonke izithandwa zakho imivuzo, uziqashe ukuba zifike kuwe nxazonke ekufebeni kwakho.