30 “ ‘Yeka ubuthakathaka benhliziyo yakho, isho iNkosi uJehova, lokhu wenza zonke lezi zinto, izenzo zowesifazane oyisifebe esingazibambiyo.
31 Wakha iqhugwane lakho ezingosini zezitaladi, wenza indawo yakho ephakemeyo kuzo zonke izigcawu, ungaba nganjengezifebe ngokudelela inkokhelo,
32 wena mfazi ophingayo, othatha abafokazi esikhundleni sendoda yakhe.
33 Zonke izifebe ziphiwa imivuzo, kepha wena unika zonke izithandwa zakho imivuzo, uziqashe ukuba zifike kuwe nxazonke ekufebeni kwakho.
34 Wahlukene nabanye abesifazane ekufebeni kwakho ngalokho ukuthi akakho olandela wena ukuyofeba; ngokunika kwakho imivuzo, ungaphiwa imivuzo kodwa wena, ngalokho wahlukene.
35 “ ‘Ngalokho yizwa, sifebe, izwi likaJehova.
36 Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba uthululile amahloni akho, nobunqunu bakho bambulwa ngobufebe bakho nezithandwa zakho, nangenxa yazo zonke izithombe zezinengiso zakho, nangegazi labantwana bakho owabanika lona,