42 Ngiyakuqeda ukufutheka kwami kuwe, umhawu wami usuke kuwe, ngibe nokuthula, ngingabe ngisacunuka.
43 “ ‘Ngokuba awukhumbulanga izinsuku zobusha bakho, kepha ungikhathazile kukho konke lokhu, ngiyakwehlisela indlela yakho phezu kwekhanda lakho, isho iNkosi uJehova, ungenzi ukukhanuka phezu kwazo zonke ezinye izinengiso.
44 “ ‘Bonke abalinganisa ngezaga bayakulinganisa ngalesi kuwe, bathi: “Njengonina, injalo indodakazi.”
45 Uyindodakazi kanyoko owanengwa yindoda yakhe nabantwana bakhe; ungudade wawodadewenu abanengwa ngamadoda abo nabantwana babo; unyoko wayengumHetikazi, uyihlo wayengumAmori.
46 Udadewenu omkhulu uyiSamariya elihlezi namadodakazi alo ngakwesokhohlo sakho; udadewenu omncane ohlezi ngakwesokunene sakho uyiSodoma namadodakazi alo.
47 Awuhambanga ngezindlela zabo, awenzanga ngezinengiso zabo, kepha njengokuba lokho kwakuyinto encane nje, wonakala kuzo zonke izindlela zakho kunabo.
48 Kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, iSodoma udadewenu alenzanga lona namadodakazi alo njengalokho wenzile wena namadodakazi akho.