57 bungakambulwa ububi bakho, njengasesikhathini sehlazo lamadodakazi ase-Aramu nawo onke amadodakazi amaFilisti alihaqayo, akudumaza nxazonke.
58 Usuyathwala ukukhanuka kwakho nezinengiso zakho, usho uJehova.
59 “ ‘Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakwenza kuwe njengalokho okwenzileyo, udelele isifungo, waphula isivumelwano.
60 Kepha mina ngiyakusikhumbula isivumelwano sami nawe ebusheni bakho, ngikumisele isivumelwano esiphakade.
61 Usuyakuzikhumbula izindlela zakho, ujabhe, lapho uyakubamukela odadewenu, omkhulu nomncane, ngikunike wona abe ngamadodakazi, kungabi ngesivumelwano sakho kodwa.
62 Sengiyakumisa isivumelwano sami nawe, wazi ukuthi nginguJehova
63 ukuba ukhumbule, ube namahloni, ungabe usavula umlomo wakho ngenxa yehlazo lakho, lapho ngikuthethelele konke okwenzileyo, isho iNkosi uJehova.’ ”