16 “ ‘Kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, impela endaweni yenkosi eyambeka inkosi, esifungo sayo wasidelela, nesivumelwano sayo wasaphula, uyakufa naye phakathi kweBabele.
17 UFaro akayikumenzela impi enkulu nebandla elikhulu empini, lapho benqwabela iduli, bakhe izinqaba, ukuze banqume abantu abaningi.
18 Ngokuba udelele isifungo ngokusaphula isivumelwano, wakwenza konke lokhu, noma enikile isithembiso sakhe; bheka, kayikuphunyuka.
19 “ ‘Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Kuphila kwami, impela isifungo sami asideleleyo nesivumelwano sami asaphulileyo ngiyakukwehlisela phezu kwekhanda lakhe.
20 Ngiyakweneka inetha lami, abanjwe ogibeni lwami, ngimyise eBabele, ngimahlulele khona ngeseqo sakhe eqe ngaso kimi.
21 Bonke ababalekayo bakhe kuwo onke amaviyo akhe bayakuwa ngenkemba, nabaseleyo bayakuhlakazelwa kuyo imimoya yonke, nazi ukuthi mina Jehova ngikukhulumile.
22 “ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Nami ngiyakuthatha esihlokweni somsedari* omude, ngisitshale, nginqume emagatsheni amasha aphezulu elithambileyo, ngilitshale entabeni ende ephakemeyo,