4 lwanquma igatsha elisha eliphezulu, lwaliyisa ezweni labahwebi, lwalibeka emzini wabathengi.
5 “ ‘Lwathatha nasembewini yezwe, lwayitshala emhlabathini othelayo, lwayibeka ngasemanzini amaningi, lwayifaka njengomnyezane.
6 Yamila, yaba ngumvini owenabayo, omfushane ngesimo, ukuze amagatsha awo abhekane nalo, nezimpande zawo zibe phansi kwalo; waba ngumvini-ke, waveza amagatsha, wakhipha amahlumela.
7 “ ‘Kepha kwakukhona nolunye ukhozi olukhulu olunamaphiko amakhulu nezimpaphe eziningi; bheka, lo mvini wabhekisa izimpande zawo kulo, waphumisela kulo amagatsha awo ukuba luwunisele kunemisele lapho wawutshalwe khona.
8 Wawusemhlabathini omuhle ngasemanzini amaningi ukuba uveze amagatsha, uthele izithelo, ube ngumvini omuhle.’
9 “Thana: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Uyakuphumelela na? Aluyikusiphula izimpande zawo, lunqume izithelo zawo, ukuze ubune, kubune onke amaqabunga ahlumelelayo, bese kungafuneki amandla amakhulu nabantu abaningi ukuwusiphula ngezimpande zawo, na?
10 Bheka, lapho usutshaliwe, uyakuphumelela na? Awuyikubuna nokubuna, lapho umoya wasempumalanga uwuthinta, ubune emiseleni lapho uhlumele khona, na?’ ”