1 Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
2 “Kuyini kini ukuba nilinganise ngalesi saga ezweni lakwa-Israyeli sokuthi:“ ‘Oyise badlile izithelo zomvini ezimuncu, amazinyo abantwana aba bushelezi,’ na?
3 “Kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, akusayikubakho ukulinganisa ngalesi saga kwa-Israyeli.
4 Bheka, yonke imiphefumulo ingeyami, umphefumulo kayise njengomphefumulo womntwana; ingeyami; umphefumulo owonayo uyakufa.