11 yena engakwenzanga kodwa: Idla ezintabeni, ingcolisa umkamakhelwane wayo,
12 icindezela abampofu nabaswelayo, iphanga nokuphanga, ingabuyisi isibambiso, iphakamisa amehlo ayo ezithombeni, yenza izinengiso;
13 inika ngenzalo, yamukela inzuzo. Iyakuphila na? Cha, ayiyikuphila. Yenzile zonke lezi zinengiso; iyakubulawa nokubulawa, igazi layo libe phezu kwayo.
14 “Bheka, uma ezala indodana ebona zonke izono zikayise azenzileyo, ibone ingenzi njengazo:
15 Ingadli ezintabeni, ingaphakamisi amehlo ayo ezithombeni zendlu yakwa-Israyeli, ingangcolisi umkamakhelwane wayo;
16 ingacindezeli muntu, ingamukeli isibambiso, ingaphangi nokuphanga, kepha inika abampofu isinkwa sayo, yembathisa abanqunu izingubo.
17 Ibuyisa isandla sayo kwabampofu, ingamukeli inzalo nenzuzo, yenza izahlulelo zami, ihamba ngezimiso zami. Yona ayiyikufa ngokona kukayise, iyakuphila nokuphila.