13 inika ngenzalo, yamukela inzuzo. Iyakuphila na? Cha, ayiyikuphila. Yenzile zonke lezi zinengiso; iyakubulawa nokubulawa, igazi layo libe phezu kwayo.
14 “Bheka, uma ezala indodana ebona zonke izono zikayise azenzileyo, ibone ingenzi njengazo:
15 Ingadli ezintabeni, ingaphakamisi amehlo ayo ezithombeni zendlu yakwa-Israyeli, ingangcolisi umkamakhelwane wayo;
16 ingacindezeli muntu, ingamukeli isibambiso, ingaphangi nokuphanga, kepha inika abampofu isinkwa sayo, yembathisa abanqunu izingubo.
17 Ibuyisa isandla sayo kwabampofu, ingamukeli inzalo nenzuzo, yenza izahlulelo zami, ihamba ngezimiso zami. Yona ayiyikufa ngokona kukayise, iyakuphila nokuphila.
18 Uyise, ngokuba wacindezela nokucindezela, waphanga nokuphanga umfowabo, wenza okungekuhle phakathi kwabantu bakhe, bheka, yena uyakufa ngokona kwakhe.
19 “Kepha nithi: ‘Indodana ayithwali ngani ukona kukayise na?’ Indodana isikwenzile ukwahlulela nokulunga, yagcina zonke izimiso zami, yazenza, iyakuphila nokuphila.