18 Uyise, ngokuba wacindezela nokucindezela, waphanga nokuphanga umfowabo, wenza okungekuhle phakathi kwabantu bakhe, bheka, yena uyakufa ngokona kwakhe.
19 “Kepha nithi: ‘Indodana ayithwali ngani ukona kukayise na?’ Indodana isikwenzile ukwahlulela nokulunga, yagcina zonke izimiso zami, yazenza, iyakuphila nokuphila.
20 Umphefumulo owonayo uyakufa; indodana ayiyikuthwala ukona kukayise, uyise angathwali ukona kwendodana; ukulunga kolungileyo kuyakuba phezu kwakhe, nobubi bomubi buyakuba phezu kwakhe.
21 “Kepha uma omubi ebuya kuzo zonke izono zakhe azenzileyo, agcine zonke izimiso zami, enze ukwahlulela nokulunga, uyakuphila nokuphila; kayikufa.
22 Iziphambeko zakhe, nesisodwa asenzileyo asiyikukhunjulelwa kuye, aphile ngokulunga akwenzileyo.
23 Ngiyenamela nokwenamela ukufa komubi yini, isho iNkosi uJehova, kungabi ukuba abuye endleleni yakhe, aphile, na?
24 “Kepha lapho olungileyo ephenduka ekulungeni kwakhe, enze okubi, enze zonke izinengiso azenzayo omubi, uyakuphila na? Izenzo zakhe ezilungileyo, nesisodwa asenzileyo asiyikukhunjulwa, afele ezeqweni eqe ngazo nasezonweni one ngazo.