26 Ngabangcolisa eminikelweni yabo ngokudabulisa emlilweni konke okuvula izizalo, ukuze ngibachithe, bazi ukuthi nginguJehova.’
27 “Ngalokho, ndodana yomuntu, khuluma kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, uthi: Kulokho oyihlo bangihlambalazile ngokwenza isiphambeko kimi.
28 Lapho ngangibangenise ezweni engaphakamisela isandla sami ukubanika lona, bebona amagquma onke aphakemeyo nayo yonke imithi edumbileyo, bese benikela khona ngemihlatshelo yabo, banika khona isicunulo somnikelo wabo, babeka lapho iphunga labo elimnandi, bathulula khona iminikelo yabo yokuphuzwa.
29 Ngase ngithi kubo: Iyini indawo ephakemeyo eniya kuyo na?’ ” Lase libizwa igama layo ngokuthi indawo ephakemeyo kuze kube namuhla.
30 “Ngalokho thana kuyo indlu yakwa-Israyeli: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Niyakuzingcolisa ngendlela yawoyihlo, nilandele ngokuphinga okuzondekayo kwabo, na?
31 Ekuletheni iminikelo yenu nasekudabuliseni amadodana enu emlilweni niyazingcolisa ngazo zonke izithombe zenu kuze kube namuhla. Mina ngiyakubuzwa yinina, nina ndlu yakwa-Israyeli, na? Qha, kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, angiyikubuzwa yinina.
32 “ ‘Okungenayo ezinhliziyweni zenu akuyikuba khona impela, lokhu enikushoyo ukuthi: “Siyakuba njengezizwe, njengemindeni yamazwe, ukuba sikhonze umuthi namatshe.”