1 Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
2 “Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho ngaseJerusalema, izwi lakho liconsele ngasezindaweni ezingcwele, uprofethe ngezwe lakwa-Israyeli,
3 uthi kulo izwe lakwa-Israyeli: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Bheka, ngimelene nawe; ngiyakuhosha inkemba yami emgodleni wayo, nginqume abalungileyo nababi.
4 Ngenxa yokuba ngiyakunquma kuwe abalungileyo nababi, ngalokho inkemba yami iyakuphuma emgodleni wayo, iphumele inyama yonke kusukela eningizimu kuye enyakatho.
5 Yonke inyama iyakwazi ukuthi mina Jehova ngihoshile inkemba emgodleni wayo, ayisayikubuya.’
6 “Kepha wena ndodana yomuntu, bubula, ububule ngomunyu emehlweni abo ngokwaphuka kokhalo lwakho.
7 Kuyakuthi lapho besho kuwe ukuthi: ‘Ububulelani wena na?’ uthi: ‘Ngenxa yombiko, ngokuba lapho ufika, izinhliziyo zonke ziyakuphela amandla, izandla zonke zidangale, kuhlwe emimoyeni yonke, amadolo onke abe buthakathaka njengamanzi.’ Bheka, kuyeza, futhi kuyakwenzeka, isho iNkosi uJehova.”