16 Nquma ngakwesokunene, usukele ngakwesokhohlo, lapho ubuso bakho bubheka khona.
17 Ngiyakushayanisa izandla zami, ngiphumuze ukufutheka kwami; mina Jehova ngikhulumile.”
18 Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
19 “Wena ndodana yomuntu, zibekele izindlela ezimbili zokufika kwenkemba yenkosi yaseBabele, zombili ziphume ezweni linye, wenze isiqondiso sendlela, usibeke engosini yezindlela zomuzi.
20 Misa indlela yokufika kwenkemba eRaba labantwana bakwa-Amoni nakwaJuda eJerusalema elibiyelweyo.
21 Ngokuba inkosi yaseBabele isimi egumbini lezindlela engosini yezindlela zombili ukuba ibhule; ixhakazisa imicibisholo, ibuza amatherafi,* ibheka esibindini.
22 Kwesokunene sayo kukhona inkatho iJerusalema ukuba kubekwe izinqama zokungqubuza, kuvulwe umlomo ngokumemeza, kuphakanyiswe izwi ngokukhala, ukuze kubekwe izinqama zokungqubuza emasangweni, kunqwatshelwe amaduli, kwakhiwe izinqaba.