15 Ngiyakukuhlakazela ezizweni, ngikusabalalisele emazweni, ngiqede ukungcola kwakho kuwe.
16 Uyakungcoliswa phakathi kwakho emehlweni ezizwe; uyakwazi ukuthi nginguJehova.’ ”
17 Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
18 “Ndodana yomuntu, indlu yakwa-Israyeli isingamanyela kimi; bonke babo bayithusi nethini* nensimbi nomthofu phakathi kwesithando; bangamanyela esiliva.
19 Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: ‘Ngenxa yokuba seningamanyela nonke, ngalokho bhekani, ngiyakunibuthela phakathi kweJerusalema.
20 Njengokuqoqwa kwesiliva nethusi nensimbi nomthofu nethini* phakathi kwesithando ukuba kufuthwe umlilo phezu kwakho ukukuncibilikisa, kanjalo ngiyakunibutha ngentukuthelo yami nangokufutheka kwami, nginibeke khona, nginincibilikise.
21 Yebo, ngiyakunibutha, nginifuthe ngomlilo wentukuthelo yami, nincibilikiswe phakathi kwawo.