20 Njengokuqoqwa kwesiliva nethusi nensimbi nomthofu nethini* phakathi kwesithando ukuba kufuthwe umlilo phezu kwakho ukukuncibilikisa, kanjalo ngiyakunibutha ngentukuthelo yami nangokufutheka kwami, nginibeke khona, nginincibilikise.
21 Yebo, ngiyakunibutha, nginifuthe ngomlilo wentukuthelo yami, nincibilikiswe phakathi kwawo.
22 Njengokuncibilikiswa kwesiliva phakathi kwesithando, kanjalo niyakuncibilikiswa phakathi kwaso, nazi ukuthi mina Jehova ngithululile ukufutheka kwami phezu kwenu.’ ”
23 Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
24 “Ndodana yomuntu, yisho kuwo ukuthi: ‘Uyizwe elingahlanjululwanga, elinganelwanga ngosuku lokufutheka.’
25 Kukhona uzungu lwabaprofethi bawo phakathi kwawo njengengonyama ebhongayo edwengula impango; badlile imiphefumulo, bathatha ingcebo nokuyigugu; benzile abafelokazi babo babe baningi phakathi kwawo.
26 Abapristi bawo badlovile umthetho wami; bangcolisile izinto zami ezingcwele, abahlukanisanga okungcwele nokuyichilo, abafundisanga abantu ukwahlukanisa okungcolileyo nokuhlambulukileyo, bafihlele amasabatha ami amehlo abo; sengidumazekile phakathi kwabo.