22 Njengokuncibilikiswa kwesiliva phakathi kwesithando, kanjalo niyakuncibilikiswa phakathi kwaso, nazi ukuthi mina Jehova ngithululile ukufutheka kwami phezu kwenu.’ ”
23 Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
24 “Ndodana yomuntu, yisho kuwo ukuthi: ‘Uyizwe elingahlanjululwanga, elinganelwanga ngosuku lokufutheka.’
25 Kukhona uzungu lwabaprofethi bawo phakathi kwawo njengengonyama ebhongayo edwengula impango; badlile imiphefumulo, bathatha ingcebo nokuyigugu; benzile abafelokazi babo babe baningi phakathi kwawo.
26 Abapristi bawo badlovile umthetho wami; bangcolisile izinto zami ezingcwele, abahlukanisanga okungcwele nokuyichilo, abafundisanga abantu ukwahlukanisa okungcolileyo nokuhlambulukileyo, bafihlele amasabatha ami amehlo abo; sengidumazekile phakathi kwabo.
27 Izikhulu zawo phakathi kwawo zinjengezimpisi ezidwengula impango ukuchitha igazi nokuqeda imiphefumulo ukuba ziphange nokuphanga.
28 Abaprofethi bawo babanamekele ngodaka olungavuthiwe, bebona okuyize, bebabhulela amanga, bethi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova,’ noma uJehova engakhulumanga.