28 Abaprofethi bawo babanamekele ngodaka olungavuthiwe, bebona okuyize, bebabhulela amanga, bethi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova,’ noma uJehova engakhulumanga.
29 Abantu bezwe bacindezele nokucindezela, baphangile nokuphanga, yebo, bakhathazile abampofu nabaswelayo, bacindezele abafokazi ngokungengamthetho.
30 “Ngafuna kubo umuntu wokubiya uthango, eme esikhaleni ngaphambi kwami ngenxa yezwe ukuba ngingalichithi, kepha angimfumananga.
31 Ngase ngithulula ukufutheka kwami phezu kwabo; ngibaqedile ngomlilo wentukuthelo yami, ngehlisela indlela yabo phezu kwamakhanda abo, isho iNkosi uJehova.”