5 Abaseduze nabakude nawe bayakukuhleka wena onegama elingcolileyo, ogcwele isiphithiphithi.
6 “ ‘Bheka, izikhulu zakwa-Israyeli, kwaba yileso naleso njengamandla aso, zaziphakathi kwakho ukuchitha igazi.
7 Bathukile kuwe uyise nonina, bacindezela abezizwe phakathi kwakho, bona phakathi kwakho izintandane nabafelokazi.
8 Okungcwele kwami ukudelele, wawona amasabatha ami.
9 Abantu abahlebayo babekuwe ukuchitha igazi, badla kuwe ezintabeni, benza ubufebe phakathi kwakho.
10 Bahlubulile kuwe ubunqunu bukayise, bamona yena owayahlukene ekungcoleni kwakhe.
11 Omunye wenzile isinengiso nomkamakhelwane wakhe; omunye ungcolisile ngobufebe umalokazana wakhe; omunye wonile phakathi kwakho udadewabo, indodakazi kayise.