8 Okungcwele kwami ukudelele, wawona amasabatha ami.
9 Abantu abahlebayo babekuwe ukuchitha igazi, badla kuwe ezintabeni, benza ubufebe phakathi kwakho.
10 Bahlubulile kuwe ubunqunu bukayise, bamona yena owayahlukene ekungcoleni kwakhe.
11 Omunye wenzile isinengiso nomkamakhelwane wakhe; omunye ungcolisile ngobufebe umalokazana wakhe; omunye wonile phakathi kwakho udadewabo, indodakazi kayise.
12 Bamukele imivuzo phakathi kwakho ukuba bachithe igazi; wena uthathe inzalo nenzuzo, waphanga abakhelwane bakho ngokubacindezela, wangikhohlwa mina, isho iNkosi uJehova.
13 “ ‘Bheka, ngishayile isandla sami ngokuphanga kwakho okwenzileyo nangenxa yegazi lakho elaliphakathi kwakho.
14 Inhliziyo yakho iyakuma yini, izandla zakho ziqine ezinsukwini engiyakuphathana nawe ngazo, na? Mina Jehova ngikukhulumile, ngiyakukwenza.