12 Wakhanukela abase-Asiriya, izinduna nababusi, abakhelwane, ababembethe kahle kakhulu, beyizinkweli ezikhwele amahhashi, zonke ziyizinsizwa ezinxanelekayo.
13 Ngabona ukuthi wangcoliswa; bobabili bahamba ngandlelanye.
14 “Wengezela ebufebeni bakhe, ngokuba wabona amadoda ayedwetshwe odongeni, imifanekiso yamaKaledi eyayilotshwe ngebomvu,
15 ebhince amabhande* okhalweni lwawo, enemishuqulo ebanzi emakhanda, onke ebonakala njengezikhulu ngokwesimo sabaseBabele ababezelwe ezweni laseKalideya.
16 Ekubaboneni kwamehlo akhe wabakhanukela, wathuma kubo izithunywa eKalideya.
17 Amadodana aseBabele afika kuye embhedeni wothando, amngcolisa ngobufebe bawo; esengcolisiwe yiwo umphefumulo wakhe wahlukana nawo.
18 Wambula ubufebe bakhe, wambula ubunqunu bakhe. Wase wahlukana naye umphefumulo wami, njengalokho umphefumulo wami wahlukana nodadewabo.