3 Babefeba eGibithe, bafeba ebusheni babo; bapotozwa khona amabele abo, zacindezelwa khona izingono zobuntombi babo.
4 Amagama abo ayengu-Ohola, omkhulu, no-Oholiba udadewabo; baba ngabami, bazala amadodana namadodakazi. Amagama abo: iSamariya lingu-Ohola, neJerusalema lingu-Oholiba.
5 “U-Ohola wafeba esengowami, wakhanukela izithandwa zakhe, abase-Asiriya, abakhelwane bakhe,
6 ababembethe okuluhlaza, izinduna nababusi, izinsizwa ezinxanelekayo zonke, izinkweli ezikhwele amahhashi.
7 Wabanika ubufebe bakhe, bengamadoda akhethekileyo ase-Asiriya; bonke abakhanukelayo, wangcoliswa ngazo zonke izithombe zabo.
8 Kepha akashiyanga ubufebe bakhe baseGibithe, ngokuba balala naye ebusheni bakhe, bacindezela izingono zobuntombi bakhe, bathulula ubufebe babo phezu kwakhe.
9 “Ngalokho ngamnikela esandleni sezithandwa zakhe, isandla sabase-Asiriya abakhanukelayo.