30 Lokhu kuyakwenziwa kuwe ngokuba ulandele abezizwe ngokufeba, wangcoliswa ngezithombe zabo.
31 Uhambile ngendlela kadadewenu; ngalokho ngiyakunikela indebe yakhe esandleni sakho.
32 “Isho kanje iNkosi uJehova, ithi:“Uyakuphuza indebe kadadewenu ejulileyo, ebanzi,ube yinhlekiso nosulu;ifumbethe okuningi.
33 Uyakugcwaliswa ngokudakwa nosizi:ngendebe yesimangaliso neyencithakalo,indebe kadadewenu iSamariya.
34 Uyakuyiphuza, uyikhame,ugedle izindengezi zayo,uklebhule amabele akho, ngokuba mina ngikukhulumile, isho iNkosi uJehova.
35 “Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba ungikhohliwe, wangilahla nyovane, uyakuthwala ukungcola kwakho nobufebe bakho.”
36 Wayesethi uJehova kimi: “Ndodana yomuntu, uyakwahlulela o-Ohola no-Oholiba na? Batshele-ke izinengiso zabo.