34 Uyakuyiphuza, uyikhame,ugedle izindengezi zayo,uklebhule amabele akho, ngokuba mina ngikukhulumile, isho iNkosi uJehova.
35 “Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba ungikhohliwe, wangilahla nyovane, uyakuthwala ukungcola kwakho nobufebe bakho.”
36 Wayesethi uJehova kimi: “Ndodana yomuntu, uyakwahlulela o-Ohola no-Oholiba na? Batshele-ke izinengiso zabo.
37 Ngokuba baphingile, negazi lisezandleni zabo; baphingile nezithombe zabo, badabulise emlilweni amadodana abo abangizalela wona, abe ngukudla kwazo.
38 Futhi benza lokhu kimi: ngalona lolo suku abangcolisa ngalo indlu yami engcwele bawona namasabatha ami.
39 Ekubulaleleni kwabo izithombe zabo amadodana abo bangena, ngalona lolo suku, endlini yami engcwele ukuyingcolisa. Bheka, benza kanjalo phakathi kwendlu yami.
40 “Futhi nithumele amadoda avela kude, okwathunywa kuwo isithunywa; bheka, afika; wazihlanzela wona, wawagqabela amehlo akho, wazivunulisa ngezivunulo,