5 “U-Ohola wafeba esengowami, wakhanukela izithandwa zakhe, abase-Asiriya, abakhelwane bakhe,
6 ababembethe okuluhlaza, izinduna nababusi, izinsizwa ezinxanelekayo zonke, izinkweli ezikhwele amahhashi.
7 Wabanika ubufebe bakhe, bengamadoda akhethekileyo ase-Asiriya; bonke abakhanukelayo, wangcoliswa ngazo zonke izithombe zabo.
8 Kepha akashiyanga ubufebe bakhe baseGibithe, ngokuba balala naye ebusheni bakhe, bacindezela izingono zobuntombi bakhe, bathulula ubufebe babo phezu kwakhe.
9 “Ngalokho ngamnikela esandleni sezithandwa zakhe, isandla sabase-Asiriya abakhanukelayo.
10 Bona bambula ubunqunu bakhe, bathatha amadodana akhe namadodakazi akhe; yena bambulala ngenkemba, waba yisaga phakathi kwabesifazane, lapho kwenziwa ukwahlulelwa kuye.
11 “Udadewabo u-Oholiba wakubona, kepha wonakala ekukhanukeni kwakhe kunaye, nasebufebeni bakhe obadlula ubufebe bukadadewabo.