3 Fanekisa ngomfanekiso kuyo indlu ehlubukayo, uthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi:“ ‘Beka ikhanzi, libeke,uthele amanzi kulo,
4 uqoqele kulo izinqamu zalo,zonke izinqamu ezinhle,ithanga nehlombe,uligcwalise ngamathambo akhethekileyo.
5 Thatha okukhethekileyo komhlambi,ubungele izinkuni phansi kwalo,ulibilise nokulibilisa,kuphekwe namathambo phakathi kwalo.
6 “ ‘Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi:“ ‘Maye kumuzi wezingazi,kulo ikhanzi elinokugqwala,nokugqwala kwalo kungaphumanga kulo!Khipha kulo izinqamu ngezinqamu;alidliwanga yinkatho.
7 “ ‘Ngokuba izingazi zawo ziphakathi kwawo;wazibeka edwaleni eliyinyabule;akazithelanga emhlabathini ukuzisibekela ngothuli.
8 Ukuze kuvuswe ukufutheka kube yimpindiselo,ngabeka izingazi zawo edwaleni eliyinyabuleukuba zingasitshekelwa.
9 “ ‘Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi:“ ‘Maye kumuzi wezingazi!Nami ngiyakwandisa ukubungela izinkuni.