6 “ ‘Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi:“ ‘Maye kumuzi wezingazi,kulo ikhanzi elinokugqwala,nokugqwala kwalo kungaphumanga kulo!Khipha kulo izinqamu ngezinqamu;alidliwanga yinkatho.
7 “ ‘Ngokuba izingazi zawo ziphakathi kwawo;wazibeka edwaleni eliyinyabule;akazithelanga emhlabathini ukuzisibekela ngothuli.
8 Ukuze kuvuswe ukufutheka kube yimpindiselo,ngabeka izingazi zawo edwaleni eliyinyabuleukuba zingasitshekelwa.
9 “ ‘Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi:“ ‘Maye kumuzi wezingazi!Nami ngiyakwandisa ukubungela izinkuni.
10 Fumbela izinkuni, ukhwezele umlilo,uqede inyama, wome umhluzi,amathambo ashiswe.
11 Besewulibeka emalahleni awo lingenalutho,ukuze lishise, kushe ithusi lalo,kuncibilikiswe ukungcola kwalo phakathi kwaloukuba kuqedwe ukugqwala kwalo.
12 Ngizikhathazile ngeze,nokho ukugqwala kwalo okuningi akuphumanga kulo;ukugqwala kwalo kumelwe kube semlilweni.