1 Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
2 “Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho kwabakwa-Amoni, uprofethe ngabo,
3 uthi kubantwana bakwa-Amoni: ‘Zwanini izwi leNkosi uJehova; isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba wathi ashila ngendlu yami engcwele lapho yangcoliswa, nangezwe lapho lachithwa, nangendlu yakwaJuda lapho beya ekuthunjweni,
4 bheka, ngalokho ngiyakukunikela kwabasempumalanga, ube yifa labo, bamise amakamu* abo phakathi kwakho, babeke amakhaya abo kuwe, badle isithelo sakho, baphuze ubisi lwakho.
5 Ngiyakwenza iRaba libe yindawo yokuhlala amakamela, abantwana bakwa-Amoni babe yindawo yokubuthisa kwezimvu, nazi ukuthi nginguJehova.
6 Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba ushaye ihlombe, wadubhuza ngezinyawo, wathokozela izwe lakwa-Israyeli ngawo onke amafundululu akho emphefumulweni,
7 bheka, ngalokho ngiyakwelulela isandla sami kuwe, ngikunikele ukuba ube yimpango yezizwe, ngikunqume kubantu, ngikuchithe emazweni, ngikuqothule, wazi ukuthi nginguJehova.’ ”