10 Ngenxa yobuningi bamahhashi akhe ibhuqu lawo liyakukusibekela, izingange zakho zizamazame ngomdumo wabamahhashi, nowokunamasondo, nowezinqola, lapho engena esangweni lakho njengalokhu kungenwa emzini ofohliweyo.
11 Ngezinselo zamahhashi akhe uyakunyathela zonke izitaladi zakho, abulale abantu bakho ngenkemba, kuwe phansi izinsika zemandla akho.
12 Bayakuphanga imfuyo yakho, bagcugce impahla yakho ethengiswayo, babhidlize izingange zakho, badilize izindlu zakho ezinhle, babeke amatshe akho nemithi yakho nesihlabathi sakho phakathi kwamanzi.
13 Ngiyakwenza ukuba isiho sezihlabelelo zakho siphele, nezwi lamahabhu* akho alisayikuzwakala.
14 Ngiyakukwenza idwala eliyinyabule, ube yindawo yokweneka amanetha; awusayikwakhiwa, ngokuba mina Jehova ngikukhulumile, isho iNkosi uJehova.
15 “Isho kanje iNkosi uJehova kulo iTire, ithi: Ngomdumo wokuwa kwakho, lapho abagwaziweyo bebubula nabafayo bebulawa phakathi kwakho, iziqhingi ziyakuzamazama.
16 Zonke izikhulu zolwandle ziyakwehla ezihlalweni zazo zobukhosi, zikhumule izingubo zazo, zihlubule izambatho zazo ezifekethisiweyo, zembathe ukuthuthumela, zihlale emhlabathini, zithuthumele njalonjalo, zimangale ngawe.