13 Ngiyakwenza ukuba isiho sezihlabelelo zakho siphele, nezwi lamahabhu* akho alisayikuzwakala.
14 Ngiyakukwenza idwala eliyinyabule, ube yindawo yokweneka amanetha; awusayikwakhiwa, ngokuba mina Jehova ngikukhulumile, isho iNkosi uJehova.
15 “Isho kanje iNkosi uJehova kulo iTire, ithi: Ngomdumo wokuwa kwakho, lapho abagwaziweyo bebubula nabafayo bebulawa phakathi kwakho, iziqhingi ziyakuzamazama.
16 Zonke izikhulu zolwandle ziyakwehla ezihlalweni zazo zobukhosi, zikhumule izingubo zazo, zihlubule izambatho zazo ezifekethisiweyo, zembathe ukuthuthumela, zihlale emhlabathini, zithuthumele njalonjalo, zimangale ngawe.
17 Ziyakwenza isililiselo ngawe, zithi kuwe:“Yeka ukuchitheka kwakho,wena owahlalwa ngabasolwandle,muzi odumileyo,owawunamandla olwandle,wena nabakhileyo kuwe,owenza ukuba besatshwe bonke abakhileyo kuwe.
18 Manje iziqhingi ziyakuzamazama ngosuku lokuwa kwakho;iziqhingi ezisolwandle ziyakuphela amandlangokumuka kwakho.
19 “Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Lapho ngiyakukwenza umuzi ochithekileyo njengemizi engahlalwayo, nalapho ngiyakukhuphulela utwa phezu kwakho, amanzi amaningi akusibekele,