11 Abantu base-Arvadi kanye nempi yakho babe sezingangeni zakho nxazonke, nabaseGamadi babe semibhoshongweni yakho; baphanyeka izihlangu zabo ezingangeni zakho nxazonke; baphelelisa ubuhle bakho.
12 “ ‘ITharishishi lalingumthengi wakho ngenxa yobuningi bayo yonke ingcebo yakho; benana impahla yakho ngesiliva nangensimbi nangethini* nangomthofu.
13 “ ‘IJavani noThubali noMesheke bona babe ngabathengi bakho, benana abantu boqobo nezitsha zethusi ngempahla yakho.
14 “ ‘Abendlu yaseThogarma benana impahla yakho ngamahhashi nangamahhashi empi nangeminyuzi.*
15 “ ‘Abantu baseDedani babe ngabathengi bakho, iziqhingi eziningi zaziyizindawo zokuthengelana zesandla sakho; babuyisela kuwe uphondo lwendlovu ne-eboni,* kwaba yisipho sakho.
16 “ ‘I-Aramu lalingumthengi wakho ngenxa yobuningi bemisebenzi yakho; benana impahla yakho ngama-emeralidu,* nangokububende, nangokufekethisiweyo, nangelineni elicolekileyo, nangekorali,* nangamarubi.*
17 “ ‘UJuda nezwe lakwa-Israyeli babe ngabathengi bakho; benana impahla yakho ngokolweni waseMiniti, nangawojeqe, nangezinyosi, nangamafutha, nangebhalisamu.*