4 Ngiyakufaka izindobo emihlathini yakho,nginamathelise izinhlanzi zemifula yakhoezingcwecweni zakho,ngikukhuphule phakathi kwemifula yakhokanye nazo zonke izinhlanzi zemifula yakhoezinamathela ezingcwecweni zakho.
5 Ngiyakukulahla ehlane,wena nazo zonke izinhlanzi zemifula yakho,uwe ebusweni bomhlabathi;awuyikubuthwa, ulandwe;ngiyakukunika ube ngukudla kwezilwane zomhlabanokwezinyoni zezulu.
6 Bonke abakhileyo eGibithe bayakwazi ukuthi nginguJehova,ngokuba bebeludondolo lohlangakuyo indlu yakwa-Israyeli.
7 Lapho bekubamba ngesandla, uyaphuka,uklebhula zonke izinhlangothi zabo;nalapho bencika kuwe, uyaphuka,untengantengise zonke izinkalo zabo.
8 “ ‘Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakwehlisela phezu kwakho inkemba, nginqume kuwe abantu nezilwane.
9 Izwe laseGibithe liyakuba yincithakalo nehlane, bazi ukuthi nginguJehova, ngokuba wathi: “Umfula ungowami, mina ngiwenzile.”
10 Bheka, ngalokho ngimelene nawe nemifula yakho; ngiyakwenza izwe laseGibithe libe yihlane lamahlane nencithakalo, kusukela eMigidoli kuze kube seSevene, kuze kube semkhawulweni waseKushe.