1 Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, yidla okufumanayo, udle lo mqulu, uye ukhulume kuyo indlu yakwa-Israyeli.”
2 Ngavula umlomo wami, wangidlisa umqulu.
3 Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, sidlise isisu sakho, ugcwalise izibilini zakho ngalo mqulu engikunika wona.” Ngase ngiwudla, wawumnandi emlonyeni wami njengezinyosi.
4 Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, hamba uye endlini yakwa-Israyeli, ukhulume kuyo ngamazwi ami.
5 Ngokuba awuthunywa kubantu abankulumo yabo ilukhuni nolimi lwabo lungaqondakali, kepha endlini yakwa-Israyeli,
6 kungekubantu abaningi abankulumo yabo ilukhuni nolimi lwabo lungaqondakali, ongawezwa amazwi abo. Impela uma bengikuthume kubo, bona babeyakukuzwa.