12 Wayesengiphakamisa uMoya, ngezwa emva kwami izwi lokuduma okukhulu, lathi: “Mayibusiswe inkazimulo kaJehova endaweni yakhe;”
13 nomsindo wamaphiko ezidalwa athintanayo, nomsindo wamasondo eceleni kwazo, umsindo wokukhulu ukuduma.
14 UMoya wayesengiphakamisa, wangisusa; ngahamba nginomunyu ngokufutheka komoya wami; isandla sikaJehova saba namandla phezu kwami.
15 Ngafika kubathunjwa ngaseTheli Abibi ababehlezi ngasemfuleni iKhebari, lapho babehlala khona; ngahlala khona phakathi kwabo izinsuku eziyisikhombisa ngimangele.
16 Kwathi ekugcineni kwezinsuku eziyisikhombisa izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
17 “Ndodana yomuntu, ngikwenze umlindi kuyo indlu yakwa-Israyeli; ngalokho yizwa izwi emlonyeni wami, ungixwayisele bona.
18 Lapho ngithi komubi: ‘Uyakufa nokufa,’ bese wungamxwayisi, ungakhulumi ukumxwayisa omubi ngendlela yakhe ukuba umsindise, yena lowo omubi uyakufela ezonweni zakhe, kepha igazi lakhe ngiyakulibiza esandleni sakho.