2 Ngavula umlomo wami, wangidlisa umqulu.
3 Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, sidlise isisu sakho, ugcwalise izibilini zakho ngalo mqulu engikunika wona.” Ngase ngiwudla, wawumnandi emlonyeni wami njengezinyosi.
4 Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, hamba uye endlini yakwa-Israyeli, ukhulume kuyo ngamazwi ami.
5 Ngokuba awuthunywa kubantu abankulumo yabo ilukhuni nolimi lwabo lungaqondakali, kepha endlini yakwa-Israyeli,
6 kungekubantu abaningi abankulumo yabo ilukhuni nolimi lwabo lungaqondakali, ongawezwa amazwi abo. Impela uma bengikuthume kubo, bona babeyakukuzwa.
7 Kepha indlu yakwa-Israyeli kayiyikukuzwa, ngokuba ayingizwa mina, lokhu indlu yakwa-Israyeli inebunzi elilukhuni nenhliziyo enqala.
8 Bheka, ngenze ubuso bakho bube lukhuni njengobuso babo, nebunzi lakho libe nqala njengamabunzi abo.