20 “Lapho olungileyo ephenduka ekulungeni kwakhe, enze okubi, ngibeke isikhubekiso phambi kwakhe, uyakufa. Uma ungamxwayisanga, uyakufela ezonweni zakhe, nezenzo zakhe ezilungileyo azenzileyo aziyikukhunjulwa, kepha igazi lakhe ngiyakulibiza esandleni sakho.
21 Kepha uma umxwayisa olungileyo ukuba olungileyo angoni, abese engoni, uyakuphila nokuphila, ngokuba exwayile; wena-ke uwophulile umphefumulo wakho.”
22 Isandla sikaJehova saba phezu kwami lapho, wathi kimi: “Suka, uphume uye ethafeni, ngiyakukhuluma nawe khona.”
23 Ngasuka, ngaphuma ngaya ethafeni; bheka, inkazimulo kaJehova yayimi khona njengenkazimulo engayibona ngasemfuleni iKhebari, ngawa ngobuso bami.
24 UMoya wayesengena kimi, wangimisa ngezinyawo zami, wakhuluma kimi, wathi kimi: “Hamba uzivalele endlini yakho.
25 Kepha wena ndodana yomuntu, bheka, bayakufaka amagoda kuwe, bakubophe ngawo; awuyikuphumela phakathi kwabo.
26 Ngiyakunamathelisa ulimi lwakho olwangeni lwakho ukuba ube yisimungulu, ungabi ngumuntu obayalayo, ngokuba bayindlu ehlubukayo.