21 Kepha uma umxwayisa olungileyo ukuba olungileyo angoni, abese engoni, uyakuphila nokuphila, ngokuba exwayile; wena-ke uwophulile umphefumulo wakho.”
22 Isandla sikaJehova saba phezu kwami lapho, wathi kimi: “Suka, uphume uye ethafeni, ngiyakukhuluma nawe khona.”
23 Ngasuka, ngaphuma ngaya ethafeni; bheka, inkazimulo kaJehova yayimi khona njengenkazimulo engayibona ngasemfuleni iKhebari, ngawa ngobuso bami.
24 UMoya wayesengena kimi, wangimisa ngezinyawo zami, wakhuluma kimi, wathi kimi: “Hamba uzivalele endlini yakho.
25 Kepha wena ndodana yomuntu, bheka, bayakufaka amagoda kuwe, bakubophe ngawo; awuyikuphumela phakathi kwabo.
26 Ngiyakunamathelisa ulimi lwakho olwangeni lwakho ukuba ube yisimungulu, ungabi ngumuntu obayalayo, ngokuba bayindlu ehlubukayo.
27 Kepha lapho ngikhuluma nawe, ngiyakuwuvula umlomo wakho, wena uthi kubo: ‘Isho njalo iNkosi uJehova.’ Ozwayo makezwe, onganakiyo kayeke, ngokuba bayindlu ehlubukayo.