13 “ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi:“ ‘Ngiyakuzichitha izithombe,ngiqede onkulunkulu eNofi;akusayikubakho sikhulu esivela ezweni laseGibithe,ngibeke ukwesaba ezweni laseGibithe.
14 Ngiyakwenza ize iPhatirosi,ngiphembe umlilo eSowani,ngenze ukwahlulela eNo.
15 Ngiyakuthulula ukufutheka kwami phezu kweSini,inqaba yaseGibithe,nginqume isixuku saseNo.
16 Ngiyakuphemba umlilo eGibithe,iSini libe nemihelo emikhulu,iNo lifohlwe,iNofi lihlaselwe emini.
17 Izinsizwa zase-Aveni nasePhi Beseti ziyakuwa ngenkemba,imizi iye ekuthunjweni.
18 EThehafenehesi usuku luyakuba mnyama,lapho ngaphula khona amajoka aseGibithe,nokukhukhumala kwamandla kuyakuphela kulo;lona-ke, ifu liyakulisibekela,namadodakazi alo ayakuya ekuthunjweni.
19 Ngiyakwenza-ke izahlulelo eGibithe,bazi ukuthi nginguJehova.’ ”