15 Ngiyakuthulula ukufutheka kwami phezu kweSini,inqaba yaseGibithe,nginqume isixuku saseNo.
16 Ngiyakuphemba umlilo eGibithe,iSini libe nemihelo emikhulu,iNo lifohlwe,iNofi lihlaselwe emini.
17 Izinsizwa zase-Aveni nasePhi Beseti ziyakuwa ngenkemba,imizi iye ekuthunjweni.
18 EThehafenehesi usuku luyakuba mnyama,lapho ngaphula khona amajoka aseGibithe,nokukhukhumala kwamandla kuyakuphela kulo;lona-ke, ifu liyakulisibekela,namadodakazi alo ayakuya ekuthunjweni.
19 Ngiyakwenza-ke izahlulelo eGibithe,bazi ukuthi nginguJehova.’ ”
20 Kwathi ngomnyaka weshumi nanye ngenyanga yokuqala ngolwesikhombisa lwenyanga lafika kimi izwi likaJehova, lathi:
21 “Ndodana yomuntu, ngaphulile ingalo kaFaro inkosi yaseGibithe; bheka, ayiboshiwe ukuba kuthelwe imithi, kufakwe umzongolozelo wokubopha, ukuze iqiniselwe ukubamba inkemba.