17 Izinsizwa zase-Aveni nasePhi Beseti ziyakuwa ngenkemba,imizi iye ekuthunjweni.
18 EThehafenehesi usuku luyakuba mnyama,lapho ngaphula khona amajoka aseGibithe,nokukhukhumala kwamandla kuyakuphela kulo;lona-ke, ifu liyakulisibekela,namadodakazi alo ayakuya ekuthunjweni.
19 Ngiyakwenza-ke izahlulelo eGibithe,bazi ukuthi nginguJehova.’ ”
20 Kwathi ngomnyaka weshumi nanye ngenyanga yokuqala ngolwesikhombisa lwenyanga lafika kimi izwi likaJehova, lathi:
21 “Ndodana yomuntu, ngaphulile ingalo kaFaro inkosi yaseGibithe; bheka, ayiboshiwe ukuba kuthelwe imithi, kufakwe umzongolozelo wokubopha, ukuze iqiniselwe ukubamba inkemba.
22 Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngimelene noFaro inkosi yaseGibithe; ngiyakwaphula izingalo zakhe, eqinileyo neyaphukileyo, ngenze ukuba inkemba iwe esandleni sakhe.
23 Ngiyakubahlakazela abaseGibithe ezizweni, ngibasabalalisele emazweni.