22 Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngimelene noFaro inkosi yaseGibithe; ngiyakwaphula izingalo zakhe, eqinileyo neyaphukileyo, ngenze ukuba inkemba iwe esandleni sakhe.
23 Ngiyakubahlakazela abaseGibithe ezizweni, ngibasabalalisele emazweni.
24 Ngiyakuqinisa izingalo zenkosi yaseBabele, ngibeke inkemba yami esandleni sayo; kepha ngiyakwaphula izingalo zikaFaro, abubule phambi kwami ngokububula kogwaziweyo.
25 Yebo, ngiyakuqinisa izingalo zenkosi yaseBabele, izingalo zikaFaro ziwe, bazi ukuthi nginguJehova, lapho ngibeka inkemba yami esandleni senkosi yaseBabele; yona iyakuyelula phezu kwezwe laseGibithe.
26 Ngiyakubahlakazela abaseGibithe ezizweni, ngibasabalalisele emazweni, bazi ukuthi nginguJehova.”