6 “ ‘Usho kanje uJehova, uthi:“ ‘Nabo abaliphasa iGibithe bayakuwa,ukukhukhumala kwamandla alo kuyakwehla;kusukela eMigidoli kuze kube seSevenebayakuwa kulo ngenkemba,isho iNkosi uJehova.
7 “ ‘Bayakuchithakala phakathi kwamazwe achithekileyo,imizi yalo ibe phakathi kwemizi echithekileyo.
8 Bayakwazi ukuthi nginguJehova,lapho sengiphembe umlilo eGibithe,bachotshozwe bonke abasizi balo.
9 “ ‘Ngalolo suku kuyakuphuma izithunywa phambi kwami ngemikhumbi ukwesabisa amaKushe anokwethemba, kube yimihelo phezu kwawo ngosuku lweGibithe, ngokuba bheka, luyeza.
10 “ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi:“ ‘Ngiyakuqeda isixuku saseGibithengesandla sikaNebukadinesari,inkosi yaseBabele.
11 Yena nabantu bakhe kanye naye,abesabekayo bezizwe,bayakulethwa ukuba bachithe izwe,bahoshele iGibithe izinkemba zabo,bagcwalise izwe ngabagwaziweyo.
12 Ngiyakwenza imifula ishe,ngithengise ngezwe esandleni sababi,ngichithe izwe nokugcwala kwalo ngesandla sabafokazi;mina Jehova ngikukhulumile.