10 “ ‘Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngenxa yokuba uphakeme ngobude, wabeka isihloko sawo phakathi kwamafu, nenhliziyo yakhukhumala ngokuphakama kwawo,
11 ngiyakuwunikela esandleni sonamandla wezizwe uyakwenza nokwenza kuye njengobubi bawo ngiwuxoshe.
12 Abafokazi, abesabekayo bezizwe, bawunqumile, bawushiya. Amagatsha awo awele ezintabeni nasezigodini, nezingatsha zawo zaphukile kuyo yonke imifudlana yezwe, nabo bonke abantu behlile emthunzini wawo, bawushiya.
13 Encithakalweni yawo kuyakuhlala zonke izinyoni zezulu, zonke izilwane zasendle zibe semagatsheni awo
14 ukuba kungabikho muthi ngasemanzini okhukhumala ngokuphakama kwawo, ungabeki isihloko sawo emafwini, yebo, nenamandla ingemi ngokuziphakamisa, yonke ephuze amanzi; ngokuba yonke inikelwe ekufeni kokuphansi komhlaba phakathi kwabantwana babantu, kwabehlelayo egodini.
15 “ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngosuku owehlela ngalo endaweni yabafileyo ngalwenza utwa ukuba lulile, ngalusibekela, ngavimba imifula yalo, namanzi amaningi avalelwa; ngalenza iLebanoni libe mnyama ngenxa yawo; imithi yonke yasendle yadangala ngenxa yawo.
16 Ngomdumo wokuwa kwawo ngathuthumelisa izizwe, lapho ngiwehlisela endaweni yabafileyo kanye nabehlela egodini; yonke imithi yase-Edene ekhethekileyo nemihle yaseLebanoni, yonke ephuze amanzi, yaduduzwa kokuphansi komhlaba.