1 Kwathi ngomnyaka weshumi nambili, ngenyanga yeshumi nambili, ngolokuqala lwenyanga lafika kimi izwi likaJehova, lathi:
2 “Ndodana yomuntu, yenza isililiselo ngoFaro inkosi yaseGibithe, uthi kuye:“ ‘Wazifanisa nebhongo lengonyama phakathi kwezizwe,kepha unjengodrako* elwandle,lapho ufohlela emifudlaneni yakho,unyakazisa amanzi ngasezinyaweni zakho,udunga izikhukhula zawo.
3 “ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi:“ ‘Ngiyakweneka inetha lami phezu kwakhongesixuku sabantu abaningi,bakukhuphule ngenetha lami.
4 Ngiyakukuphonsa emhlabathini,ngikuntshinge endle,ngihlalise phezu kwakho zonke izinyoni zezulu,ngisuthise zonke izilwane zomhlaba ngawe.
5 Ngiyakubeka inyama yakho ezintabeni,ngigcwalise izigodi ngezidumbu zakho.