11 “ ‘Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi:“ ‘Inkemba yenkosi yaseBabele iyakukwehlela.
12 Ngezinkemba zamaqhawe ngiyakuwisa isixuku sakho,bonke bengabesabekayo bezizwe;bayakuchitha ukuziphakamisa kweGibithe,sonke isixuku salo sichitheke.
13 Ngiyakuqothula zonke izinkomo zalo ezingasemanzini amaningi,angabe esanyakaziswa lunyawo lomuntu,anganyakaziswa yizinselo zezinkomo.
14 Ngiyakwenza ukuba amanzi abo abohle,ngihambise imifula yabo njengamafutha, isho iNkosi uJehova.
15 Lapho ngiyakwenza izwe laseGibithe libe yincithakalo nehlane,izwe elingasenokugcwala kwalo,lapho ngibulala bonke abakhe kulo,khona bayakwazi ukuthi nginguJehova.’
16 “Lokhu kuyisililo abayakulila ngaso; amadodakazi ezizwe ayakulilisela ngaso, alilele iGibithe nesixuku salo ngaso, isho iNkosi uJehova.”
17 Kwathi ngomnyaka weshumi nambili, ngolweshumi nanhlanu lwenyanga, izwi likaJehova lafika kimi, lathi: