14 Ngiyakwenza ukuba amanzi abo abohle,ngihambise imifula yabo njengamafutha, isho iNkosi uJehova.
15 Lapho ngiyakwenza izwe laseGibithe libe yincithakalo nehlane,izwe elingasenokugcwala kwalo,lapho ngibulala bonke abakhe kulo,khona bayakwazi ukuthi nginguJehova.’
16 “Lokhu kuyisililo abayakulila ngaso; amadodakazi ezizwe ayakulilisela ngaso, alilele iGibithe nesixuku salo ngaso, isho iNkosi uJehova.”
17 Kwathi ngomnyaka weshumi nambili, ngolweshumi nanhlanu lwenyanga, izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
18 “Ndodana yomuntu, khalela isixuku saseGibithe, usehlisele ezindaweni eziphansi komhlaba, sona namadodakazi ezizwe ezidumileyo, kanye nabehlela egodini.
19 Udlula bani ngobuhle na? Yehla, ulaliswe phakathi kwabangasokile.
20 Bayakuwa phakathi kwabagwazwe ngenkemba; linikelwe enkembeni; lihuduleni nazo zonke izixuku zalo.