4 Ngiyakukuphonsa emhlabathini,ngikuntshinge endle,ngihlalise phezu kwakho zonke izinyoni zezulu,ngisuthise zonke izilwane zomhlaba ngawe.
5 Ngiyakubeka inyama yakho ezintabeni,ngigcwalise izigodi ngezidumbu zakho.
6 Ngiyakuliminzisa izwe lokukhukhula kwakhongegazi lakho kuze kube sezintabeni,imifudlana igcwale ngawe.
7 Lapho ngikucisha,ngiyakusibekela izulu,ngenze mnyama izinkanyezi,ngimboze ilanga ngefu,inyanga ingakhanyisi ngokukhanya kwayo.
8 Ngiyakwenza mnyama phezu kwakhozonke izinkanyiso zezulu ezikhanyayo,ngibeke ubumnyama ezweni lakho, isho iNkosi uJehova.
9 Ngiyakukhathaza izinhliziyo zabantu abaningi,lapho sengiletha ukwaphulwa kwakho ezizweniemazweni ongawazanga.
10 Ngiyakwenza ukuba abantu abaningi bamangale ngawe,amakhosi abo aqhakanyeke,lapho ngisikaza ngenkemba phambi kwawo,aqhaqhazele imizuzwana yonke,kube yileyo naleyo ngokuphila kwayo ngosuku lokuwa kwakho.