2 “Ndodana yomuntu, khuluma kubantwana babantu bakho, uthi kubo: ‘Lapho ngehlisela phezu kwezwe inkemba, abantu bezwe bese bethatha umuntu phakathi kwabo, bambeke umlindi wabo,
3 nalapho yena esebona inkemba yehla phezu kwezwe, abethe icilongo, axwayise abantu,
4 okuzwayo ukukhala kwecilongo angaxwayi kodwa, bese yehla inkemba, imsuse, igazi lakhe liyakuba sekhanda lakhe.
5 Ukukhala kwecilongo wakuzwa, kepha akaxwayanga; igazi lakhe liyakuba kuye; uma exwayile, nga ezophulile.
6 Kepha uma umlindi ebona inkemba yehla, angabethi icilongo, abantu bangaxwayi, bese yehla inkemba, isuse umuntu kubo, uyasuswa ngenxa yobubi bakhe kepha igazi lakhe ngiyakulibiza esandleni somlindi.’
7 “Wena-ke, ndodana yomuntu, ngikubeke umlindi kuyo indlu yakwa-Israyeli; yizwa izwi lomlomo wami, ubaxwayise, kuvela kimi.
8 Lapho ngithi komubi: ‘Muntu omubi, uyakufa nokufa,’ bese wungakhulumi ukuba uxwayise omubi ashiye indlela yakhe, lowo muntu omubi uyakufa ngenxa yobubi bakhe, kepha igazi lakhe ngiyakulibiza esandleni sakho.