22 ngiyakusindisa izimvu zami, azisayikuba yimpango, ngahlulele phakathi kwezimvu nezimvu.
23 Ngiyakumisa umalusi phezu kwazo, azaluse: inceku yami uDavide; uyakuzalusa, abe ngumalusi wazo.
24 Mina Jehova ngiyakuba nguNkulunkulu wazo, inceku yami uDavide ibe yisikhulu phakathi kwazo; mina Jehova ngikhulumile.
25 “ ‘Ngiyakwenza nazo isivumelwano sokuthula, ngiqede izilwane ezimbi ezweni, zihlale zilondekile ehlane, zilale emahlathini.
26 Ngiyakuzenza zona nezindawo ezizungeza intaba yami zibe yisibusiso, ngehlise imvula ngesikhathi sayo, ibe yizihlambi zesibusiso.
27 Umuthi osendle uyakuthela izithelo zawo, umhlabathi uthele ukudla kwawo, zihlale zilondekile ezweni lazo, zazi ukuthi nginguJehova, lapho sengaphulile izikeyi* zejoka lazo, ngazophula esandleni salabo ezenziwa izikhonzi yibo.
28 Azisayikuba yimpango yabezizwe, nesilwane somhlaba asiyikuzidla, kepha ziyakuhlala zilondekile, zingesatshiswa muntu.